
Abaqeqeshi babasubathi abahamba phambili emhlabeni jikelele, Thuso Mosia no Prodigal Khumalo, babuyise ithemba lesifundazwe benza ubudoda ngesikhathi behlangana bakha isivumelwano sokusebenzisana ngokuthi abasubathi babo baqeqeshwe ndawonye, Thuso Mosia ongumqeqeshi ka Bongumusa Mthembu owazakhela igama ngokunqoba iComrades Marathon amahlandla amathathu ne Two Oceans Marathon, no Prodigal Khumalo ongumqeqeshi ka Nkosikhona Mohlakwana owaqeda kunombolo 2 kwi Two Oceans Marathon unegolide le Comrades Marathon njengoba angena endaweni yesithupha , ungumpetha we Prince Mangosuthu Marathon, abanye abasubathi abakhona kulamakilabhu nguThamsanqa Mthembu ongumfowabo ka Bongumusa Mthembu, Charles Ximba, Zinhle Tshabalala, Makhosi Mhlongo, nabanye, kuzokhumbuleka ukuthi labasubathi kade bejima ngabodwana, ngemuva kweminyaka emthathu kodwa ukukhula ka Nkosikhona Mohlakwana kulethe ithemba ku Bongumusa Mthembu njengoba bangabasubathi abakuqondayo ukuthi ukusubatha kubo kungumsebenzi, bonke abasubathi abasebenze noMthembu bahlomulile njengoba Nkosinathi Duma wathola igolide le Comrades Marathon nele Two Oceans Marathon, Thobani Chakwe yena wanqoba iMandela Marathon, ne Harry Gwala Marathon, ngomhlaka 10 kuzibandlela izoqala Bongumusa Mthembu Training Marathon ezoba iqeda iminyaka engu 9 yaqala ngo 2014, le Bongumusa Mthembu Training Marathon isiza kakhulu abasubathi ukuthi babeqhatha kakhulu, abasuke bezilungisela umjaho we Two Oceans Marathon, lomjaho ugijinywa ibanga lika 60 km, uzoqala eBhambatha Stadium ngo 5:30 uphelele eMpendle Izinga Stadium, isiqubulo salonyaka kwakhiwa ompetha bakusasa
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
