Bandizela phezulu kwekhanda lika Thulani Nxesi Oklebe

UThulani Nxesi ongungqongqoshe wezokuqasha nemisebenzi unuka umsanka wenkohlakalo yemali edliwe emnyangweni awuphethe entshontshiwe engu R 3 Billion, uphiko oluphenya amacala enkohlakalo Oklebe bandizela phezulu kwekhanda lakhe, umengameli Matamela Ramaphosa unxuse kuloluphiko ukuthi luluphenye loludaba ngoba lemali yabakhokhi bentela entshontshiwe, ongqongqoshe abaningi babhubhudla imali yabakhokhi bentela kungabi ndabazalutho njengoba inhlangano ebusayo kuleli ayinawo umthetho kwabaweqayo kodwa iyabavikela abenzi bobubi ngemali yabaholi bekhokhi bentela, inkohlakalo eqenjini elibusayo idla lubi kakhulu njengoba awukho nowodwa umnyango kahulumeni ongenayo inkohlakalo njengoba nabasebenzi baka hulumeni bacwilile enkohlakalweni bayagwiliza, baqotha imbokodo nesisekelo ngenkohlakalo, namakhansela aphusha inkohlakalo ema wardini , izimeya ziyayibhudluza imali ziyishaye ziyiqede maqedane zingazihambisi izidingo zomphakathi, imali yabakhokhi bentela eNingizimu Africa isidliwe kakhulu kusukela kwaphatha inhlangano ka ANC, abaholi bayo bayazicebisa ngemali yezakhamuzi zakuleli engavikelekile kulamasela onolwazi, KwaZulu-Natal abaholi bakhona banuka umsanka wenkohlakalo nobuqola namanga, bahlulekile ukuvula amathuba omsebenzi ngoba imali bayidlile yokuvula amathuba omsebenzi, izinkampani zika Hulumeni ezifana no loliwe ngamabhasi, ngamabhanoyi, azisenalutho sekusele izindonga bayishaye bayiqeda imali,
[06:51, 21/11/2023] Don Stack: Mbovu
[07:00, 21/11/2023] Don Stack: ngiyazifaka kuyimanje


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.