Linobomvu ngezinhlangano zemfuyo KwaZulu-Natal

IZinhlangano ezimbili ezithi zilwisana nokwebiwa kwemfuyo zingamahuwa enyoka, lezinhlangano sibala iSikebhe, iNkanyamba. lezinhlangano zakhiwe ngamasela ukuqobo lawo, ngenhloso yokuntshontsha imfuyo zicashe ngokuthi zivikela imfuyo.

Lezinhlangano mangabe zikutholile ukuthi uyilunga leSikebhe bayakushaya abeNkanyamba mangabe ungoweNkanyamba bayakushaya abeSikebhe kodwa emphakathini abangenalo ulwazi bacabanga ukuthi ziyasebenza ngokusho komthombo ozazikahle. Isifundazwe saKwaZulu Natal sikhungethwe ngamasela emfuyo axakile njengoba phakathi kwalamasela kukhona namaphoyisa kahulumeni. Bayazintshontsha, bazihlabe badayise inyama yazo baphinde badayisele abamabhusha nabadayisi, abasemgwaqeni bezinhloko.

Umonakalo wokwebiwa kwemfuyo usudale umnonakalo omkhulu esizweni njengoba izibaya zamadoda sezilala utshani nembuya ngenxa yokuthi azisekho izinkomo emakhaya, lomonakalo usuxabanise imndeni emningi njengoba isibulalene kwavalwa imizi.

Izindawo ezihamba phambili ngokwebiwa kwemfuyo singabala eBaqulusini, Babanangu,Nquthu, Nkandla, Mtuba, BergVille, UMvoti, Umsinga, Mzimkhulu, eXopho, khona manjalo ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal Genene Nhlanhla Mkhwanazi uthi bazophenywa ngamaphoyisa abadayisa inhloko ematafuleni emadolobheni wonke KwaZulu-Natal.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.