ANC KwaZulu-Natal idayisele amachina umhlaba

Izakhamuzi ezingaphansi komkhandlu wase Mzinyathi, zihlezi emhlabeni osudayiselwe amachina, ngesikhathi owayeyimeya yase Mzinyathi kungu-James Mthethwa noNdunankulu waKwaZulu Natal uNomusa Dube (kodwa owayengungqongqoshe wezomnotho KwaZulu-Natal), bacela uScelo Shiceka owayengungqongqoshe womnyango wezokubusa nokubambisana nomnyango wezobuholi bomdabu. Bamcela ukuthi abanike imali yokwenza amabhizinisi eMzinyathi kodwa unkosikazi ka Scelo Shiceka wathi kunabangani bakhe bama China uzobafunela kubona imali.

Bayithola imali engu 4 Billion baqala bayibhudluza kwaze kwabona unkosikazi ka Shiceka wabatshela ukuthi uzobaceba mabamnike umkhwenyana wakhe imali ye Security khampani, kuthe ngesikhathi esebuya ama China azofuna imali yawo nenzuzo, baqoma ukunikeza ama China umhlaba wase Mzinyathi.

Kwazanya ukuthumela abaholi be ANC besifundazwe kodwa kwaba sekonakele, kwathiwa loludaba alungafiki kumakhosi nezakhamuzi zase Mzinyathi.

Intatheli ye-IBUNDA IZINDABA iyeyakhuluma nowabe eyimeya yase Mlalazi u Thelamoya Zulu waqinisekisa ukuthi loludaba uyalazi. Lomhlaba wase Mzinyathi wakhelwe yizizwe ezifana naMabomvu, aMachunu, aMaqamu, nguMabaso, ngabakwaZondi, abaThembu baka Ngoza, Molefe, Ngobese, Sithole,lendawo inemayini yamalahle Dundee nendawo yomlando yase Ncome.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.