
Mhleli: Angibingele ku-IBUNDA, leli elisikwa nama ngasikhathi sini. Mhleli ngithi ake ngiqaphelise isizwe sakithi kakhulukazi indlu emnyama ngesenzo engisibona sisihle futhi kumele sishayelwe indumezulu yehlombe.
Engikubonile ezikhungweni zokubhalisela ukuVota namuhla kungishiya nethemba nenjabulo ukubona ukuthi sesihambe kakngakanani njengezwe kweze politiki nezombusazwe.
Mhleli, ngibone iNtsha laphaya kuWard 55 eThembalihle kumasipala weTheku ikhombisa izinga eliphezulu lokuvuthwa kwezepolitiki. Amalungu e-ANC, IFP, ne-EFF ahlangane ejabula ndawonye ngaphandle kokulwa.
Ngithi lento eyenziwa ileNtsha ngiyifisela ukuthi yenzeke nakwezinye izindawo njengoba kuqala isikhathi sokuVota. Siyakudinga lokhu ngoba asifuni kuliwe noma kube khona ukulahlekelwa izimpilo egameni lokhetho. Ngiyabonga
Thami Gumede – eThembalihle
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
