
Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana isithelekile enkundleni yezemidlalo yase-Thekwini i-Moses Mabhida Stadium ukuzobambana neqembu lesizwe .
INingizimu Afrika izovula imidlalo yokuhlungela i-2026 Fifa World Cup namuhla ntambama neBenin eMoses Mabhida Stadium. Onke amehlo athe njo kuHugo Broos neqembu lakhe iBafana Bafana ekutheni bazolisebenzisa yini leli thuba elavela neLesotho, ethathe amaphuzu amabili kuNigeria kuvulwa uGroup C.
ILesotho ibambe iSuper Eagles ngokulingana kanti iBafana izobhekana neBenin futhi uma ingawina izozi nikeza ithuba elidingekayo ngoba kuhlungelwa imidlalo ye-Ndebe Yomhlaba yeFifa ka-2026.
IBUNDA likunikwza yonke imininingwane yokuthi ungawulandela kanjani umdlalo.
Umdlalo: INingizimu Afrika vs Benin
Usuku: Novemba 18, 2023
Uqala: 15.00 SA Isikhathi
Inkundla: IMoses Mabhida Stadium, eThekwini
Noma Isiteshi se-TV sokusakaza ku-inthanethi, I-SABC+ noma i-SABC Sport Live SABC DDT
Noma ungalandela konke okwenzeka kuma-akhawunti enkundla yezokuxhumana zeBafana
“Hambani nisithathele lamphuzu ama-3 bafana, akesiphoxeni abasizondayo nama nalaba abathanda ukukhuluma ngiyacela” kusho umlandeli u- @Mlandzeni ku-X (Twitter).
Go get us the 3 points boys, let’s disappoint the haters and naysayers please 🙏🏽
— 🇿🇦Wonderful🇸🇩🇸🇩 (@Mlandzeni1) November 18, 2023
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
