
Iqulu lamadoda angu-15 abehlome eyizingovolo aqhumise ama-ATM amabili eRosslyn, enyakatho yePitoli, ekuseni izolo. Ngokwemininingwane, abasolwa bangene esitolo i-Quick Stop egaraji. Umsolwa oyedwa uthulule irejista yemali ngesikhathi abanye abasolwa ababili beqoqa ugwayi emashalofini.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Johan van Dyk uthe, ukuqhunyiswa ngebhomu kwenzeke ngo-00:50 isikhathi. Ngemuva kokuthi izigebengu ziqhumise ngamabhomu ama-ATM akwa-Absa nakwaCapitec, abasolwa abathathu bngene esitolo esisegalaji i-Quick Stop.
“Ngokolwazi oluphuma ku-ccasher, umsolwa oyedwa uthulule irejista yemali kwathi abanye abasolwa ababili bahlanza ugwayi emashalofini,” kusho uVan Dyk.
Uthe amaphoyisa abeqaphe bude buduze negalaji likaphethiloli ngesikhathi ezwa umsindo wokuqhuma omkhulu asebona kuqhamuka intuthu. “Amaphoyisa abe esenikela keligalaji athola ukuthi ama-ATM amabili aqhunyiswe ngamabhomu.”
Uthe abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga kanti akukaboshwa muntu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
