Livele enkantolo ikhansela elashaya ilunga lompakathi

Livele kafishane enkantolo yase Zakheni ikhansela lakuMaspala I Alfred Duma ngecala lokushaya ilunga lomphakathi. Ikhansela uKhulekani Mdluli wase Ward 7 ubhekene necala lokushaya alimaze isakhamuzi sewadi lakhe. Ingxabano isuke emva kokuthi uMvelo Mkhonza abuze ubaba Ukhansela ukuthi wendoda iza nini kanti intuthuko lapha? kubuza imvelo. “Yima kancane ngiqale ngikuhlahlele ngobhushu bese ngiyakuphendula” kusho ikhansela, libe seli thatha ibhawodi lamphihliza ikhanda lase lithatha ubhushu lahlahla. Usesimeni esibucayi esibhedlela eMnambithi kanti, Ukhansela uzophinde avele enkantolo yase Zakheni ngehloso yokuyofaka isicelo sebheyili ngohlaka 5 December.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.