
Azobheka KwaZulu-Natal amabombo amaphanta ngoba umjaho wamahhashi i-Summer Cup ukhuza ibuya ngomhlaka 25 November. Lomjaho ongomunye ohamba phambili KwaZulu-Natal futhi kulindeleke ukuthi abasiki bengqephu abahamba phambili kulesifundazwe bakhangise ngomsebenzi wabo.
Khona manjalo ihhashi lodumo uNxakanxa kulindeleke ukuthi avikele isicoco sakhe sangonyaka odlule. Amanye amahhashi alindelekile kulomjaho khona u-Computer, Album kanye no-Sigwebo sentambo. Lomjaho uxwaswe ngumnyango wezemidlalo ezobuciko KwaZulu-Natal, Umkhandlu wase Harry Gwala kanye nomasipala wase-Dr Nkosazane Zuma.
Izakhamuzi zendawo yase-Makhuzeni ziyasizakala kakhulu njengoba zikhona ukudayisela abavakashi futhi lomjaho uletha namathuba kubantu abasha njengoba kuqashwa onogada, abazohlanza indawo ekugijinyelwa kuyona jalonjalo.
Lomjaho uletha umnotho omningi kakhulu ngoba namazwe angomakhelwano afana no Lesotho, Swaziland, Namibia kulindeleke ukuthi athumele amahhashi awo. Kanjalo nezifundazwe ezifana ne Mpumlanga, Eastern Cape, Gauteng, kulindeleke ukuthi bathumele amahhashi abo, lomjaho ngomunye omkhulu KwaZulu-Natal ulandela i-Dundee July nayo ehlelwa ngumnyango wezemidlalo nezobuciko
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
