Uvuke ku-Richard Bay FC ngemuva kokusula kwi-Chippa United

UVusumuzi Kanu Vilakazi uvuke ku-Richard Bay FC ngemuva kokusula kwi-Chippa United njengenhloko yabaqeqeshi ngolwesihlanu. Lomqeqeshi umenyezelwe izolo ebusuku yiqembu le-Richard Bay FC, lomqeqeshi uqale ukuzibonakalisa ku-Golden Arrows eqenjini le-MDC lapho ayinqobe khona amahlandla amabili, uphinde wasebenza nabaqeqeshi abafana noSteve Khompela, Mandla Ncikazi, ushiye kuleliqembu esebenza no Mabhuti Khenyeza. Vilakazi ushiye isigubhukani ku Golden Arrows naku Chippa United, njengoba esevumbuka ku Richard Bay FC, khona manjalo lomqeqeshi ubonakale ehlezi ezihlweleni eKing Zwelithini Stadium emdlalweni we Richard Bay FC ne Cape Town Spurs. lomqeqeshi kulindeleke ukuthi abambisane no Kaitano Tembo, Sboniso Gumede, Richard Bay FC izodlala ne Orlando Pirates ngemuva kwekhefu leFiFa, leliqembu lidonsa kanzima kakhulu njengoba linamaphuzu angu 9 kuphela,


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.