Izibhamu yizona ezisetshenziswa kakhulu ekuhlaseleni amakhansela

Lo mgubho wakamuva lapho kuqhunyiswa khona izibhamu wenzeke eMkhambathini ngaseMgungundlovu, eKZN. Kukholakala ukuthi omunye wamadoda lapha ubegubha ukuqokwa kwakhe esikhundleni sikaKhansela Mzwandile “Nganono” Shandu owabulawa cishe ezinyangeni ezintathu ezedlule.

@ibunda_za Izibhamu yizona ezisetshenziswa kakhulu ekuhlaseleni amakhansela #IbundaIzindaba #politicalkillings #ibundanews follow us @ibunda_za ♬ original sound – ibunda_za

Angaphezu kuka-300 amacala aphenywa kusukela ngoJulayi 2018 yithimba lamaphoyisa ahlukahlukene eliphenya ngokubulawa kwezepolitiki KwaZulu-Natal, okuhlanganisa nawokubulala angu-155. Izibhamu yizona ebezisetshenziswa kakhulu ekuhlaseleni amakhansela, izikhulu zezombusazwe kanye nezikhulu zikamasipala.

“Ithimba selithole izibhamu ezingu-46 kubasolwa, ezixhumene nezigameko eziningi zokubulawa kwezepolitiki.” ITheku beliyinto ekhathazayo futhi manje sekubhekwe lukhulu kuyona, ” kusho uBheki Cele.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.