
Umndeni wakwa Mcwabe endaweni yase Bulwer esgodini sase Mqulela ucela kunoma ubani ongangenelela kulandwe isidumbu emakhazeni njengoba sekuphele isikhathi eside siduve khona. Ilungu lomndeni silicaphune lithi
“Inkinga kunomfethu omncane obedukile samufuna saze samthola emotuary yahulumeni so sakwazi ukum’mbona noma eshisiwe namanje amaphoyisa awafuni nesdumbu athi asaphenya, umseshi nje obhoka kakhulu ngoba sakhuluma nomphathi steshi wathi ngoba syakwazi ukumkhomba akayiboni inkinga. Umseshi uyanqaba nesidumbu sengane sicela usizo kume amakhandlela from last week kuze kube imanje asakhanya” kuqhuba lelilunga.
“Sibuhlungu ezinhlizweni indlela ahambe ngayo namaphoyisa afaka usawoti eslondeni (I police station yase Maritzburg e-Plessilair)umseshi Uzondi ongaluzwa usizi esinalo syacela usizo ongasikhulumela naye plz akhulule umzimba wengane” kuphetha owomndeni
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
