Kuboshwe abantu ababili ngamacala okugqekeza epulazini likaMongameli uCyril Ramaphosa iPhalaphala

Kuboshwe abantu ababili ngamacala okugqekeza kanye nokweba epulazini iPhalaphaphala. Abasolwa ababili abaneminyaka engu-39 no-30 bazovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseBela Bela kusasa.

Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale uthe laba ababili – owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala kanye nowesilisa oneminyaka engu-39 ubudala – baboshwe eRustenburg naseBela-Bela ngeSonto nangoMsombuluko.
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseBela-Bela ngoLwesibili.

“Kuseduzane ukuboshwa komsolwa wesithathu,” kusho uMogale.

Lolu daba luhlobene nokugqekezwa kwepulazi ngobusuku bangomhla ziyisi-9 kuNhlolanja wezi-2020.

Lowo owayenguMqondisi-Jikelele ku-State Security Agency, u-Arthur Fraser, uvule icala lokuthumba nokushushumbisa imali ebhekene noRamaphosa, inhloko yophiko lokuvikela uMengameli, uMajor-General Wally Rhoode, kanye namalungu eCrime Intelligence ngezinsolo zokufihla ukugqekeza.

Kuboshwe abantu ababili mayelana nokugqekezwa kwepulazi likaMengameli Cyril Ramaphosa ePhala Phala, nalapho kwebiwa isamba samadola okusolwa ukuthi ayefakwe ngaphansi komcamelo wosofa ngo-2020.

Abasolwa ababili abaneminyaka engu-39 no-30 bazovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseBela Bela kusasa.

“Kuseduzane ukuboshwa komsolwa wesithathu,” kusho uMogale.

Lolu daba luhlobene nokugqekezwa kwepulazi ngobusuku bangomhla ziyisi-9 kuNhlolanja wezi-2020.

Lowo owayenguMqondisi-Jikelele ku-State Security Agency, u-Arthur Fraser, uvule icala lokuthumba nokushushumbisa imali ebhekene noRamaphosa, inhloko yophiko lokuvikela uMengameli, uMajor-General Wally Rhoode, kanye namalungu eCrime Intelligence ngezinsolo zokufihla ukugqekeza.

Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.