
Kuphinde kwabamnyama ku-Orlando Pirates ngesikhathi iguqiswa yi-Richard Bay FC sekukhahlelwa amaphenathi ngo 5-4. I-Orlando Pirates ibuya ekushayweni yi-Cape Town Spurs evuke ngayo njengoba ibiqala ukunqoba umdlalo ngaphansi kwe Dstv Premiership League. U-Dion Hotto nguyena obanjelwe iphenathi ngunozinti we-Richard Bay FC uPhilasande Manqele, i-Orlando Pirates ilahle amathuba amaningi kulomdlalo, khona manjalo umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi akasazi ukuthi uzohlanganisa ini nani njengoba imphumela igqoza kanzima kulomqeqeshi ongowokudabuka e-Spain.
U-Jose Riveiro uthi umsebenzi uwenza wonke kodwa inhlanhla ayibavumi, uthi udinga inhlanhla ebalahlekele njengoba bayahluleka ukuqobela phakathi amagoli,kodwa amathuba bayakwazi ukuweza , lomqeqeshi uthi kumanje uzama ukuthola isixazululo ngokushesha sokushaya amagoli. I-Orlando Pirates ibonakala idlala kahle emuva naseswini kodwa inhlanhla yamagoli ayivumi.
Khona manjalo umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro unqabile ngokuphawula ngomgadli waleliqembu uZakhele Lepasa oqale kahle isizini eshaya amagoli njengoba manje wehlelwe yifomu yakhe aqale ngayo isizini, lomqeqeshi usemncane ukuqale ngo Evidence Makgoba ongumgadli obeshukusha ibhentshi, nokho Makgoba kuze kube manje usashayele Orlando Pirates amagoli amabili kuphela. I-Orlando Pirates ibuhlulwa umdlalo wesibili kulandelana njengoba ihlulwe yi Cape Town Spurs evuke ngayo njengoba ibiqala ukunqoba umdlalo ngaphansi kwe Dstv Premiership.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
