
Abalandeli beqembu amabhokobhoko KwaZulu-Natal baphoxekile bengamboni uSiya Kolisi ongukaputeni ohambweni olungumjikelezo lendebe enqotshwe ngamabhokobhoko eFrance behlula New Zealand ngo 12-11 amabhokobhoko atheleke kuleli ngolwesibili Gauteng lapho ahlangane nabalandeli bebhola lombhoxo nezakhamuzi zakuleli nabaholi bamahlelo ahlukene, baphinde bahambela Western Cape lapho behlangane khona nabalandeli , uSiya Kolisi abalandeli bayamthanda kakhulu kuleli, ngabibikho kwakhe kudumalise abalandeli bakhe bebelokhu bememeze njalo igama lakhe bezitshela ukuthi bazombona kodwa lutho njengoba nabaphathi bama Springboks abavaze bayithi vu indaba ka Kolisi amabhokobhoko aqale uhambo lwawo eMhlanga badlulela Bridge City, Kwamashu, Kwadabeka, Pinetown, lwaphetha Workshop edilobheni lapho abalandeli bebekhona bebebulala inyoka.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
