
Ukubulawa kwekhansela le-United Democratic Movement (UDM), uLuxolo Namette, eNelson Mandela Bay Metro e-Eastern Cape, kushiye umndeni wakhe nobuhlungu obukhulu.
UNamette ubeyikhansela elimele iqembu (PR Councillor) le-UDM kanti Leli qembu lisanda kuthola izihlalo ezintathu kulo masipala.
Udutshulwe ngaphandle kwendawo yokugunda izinwele e-NU 9, eMotherwell, eGqeberha ngoMgqibelo.
Ubaba kaNamette, uThembelani Namette, ukuthola kunzima ukwamukela ukudlula emhlabeni kwendodana yakhe.
“Lezi zindaba zingiqede amandla zangiphula inhliziyo. Ngithole ucingo ngisesontweni. Uma kwenziwe umuntu, kulungile. Uma kungenxa yezepolitiki, nakho kulungile. Ubengumuntu omuhle kakhulu kunoma ubani, ngisho nakulabo abangewona umndeni wakhe. Lokhu kunzima kakhulu. Ushiye unkosikazi nezingane zakhe.”
Imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa. Umbulali wakhe, noma ababulali bakhe, basagcwele amathafa.
Amaphoyisa athe azokwenza konke okusemandleni awo ophenyweni, futhi athe azobeka abaphenyi abanolwazi olunzulu ukuthi baphenye leli cala.
Ngokusho kwamaphoyisa, ushone ngenxa yenxeba lokudutshulwa ekhanda.
I-UDM izwakalise ukushaqeka ngokubulawa kukaNamatte, okwenzeka ngesikhathi iqembu libheka emuva ekusebenzeni kwalo okuhle kakhulu oKhethweni loHulumeni baseKhaya.
UNobhala-Jikelele weqembu, uBulelani Bobotyane, ukholelwa ukuthi ukubulawa kwaNamatte kungenzeka ukuthi kuhlobene nezepolitiki.
Iqembu lithi lizodlulisela lolu daba kwithimba elibhekene nokubulawa kwabantu ngezizathu zezombusazwe i-Political Killings Task Team(PKTT), futhi linxuse amaphoyisa ukuthi enze uphenyo olunzulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
