
I-Facebook imise i-akhawunti kaJacinta Ngobese-Zuma, ongumholi we-March and March Movement, ngokuthi kungenzeka ukuthi wephule imigomo yomphakathi i-Community Standards ephathelene nocansi.
Lokhu kumiswa, okuqale ukusebenza ngomhlaka-6 November 2026, kusho ukuthi i-akhawunti kaNgobese-Zuma ayisabonakali kwabanye abasebenzisa inkundla yezokuxhumana i-Facebook futhi naye akasakwazi ukuyisebenzisa.
Isaziso esithunyelwe kulo mshisekeli simazise ukuthi unezinsuku eziyi-180 zokufaka isikhalazo ngalesi sinqumo, ngaphambi kokuba i-akhawunti yakhe ivalwe unomphela.
I-Facebook ithe ingase icele ulwazi olwengeziwe kuye ukuze kusizwe ekubuyekezeni ukumiswa kwe-akhawunti yakhe.
Isaziso sithe lesi sinqumo sisekelwe ekutholeni ukuthi i-akhawunti yakhe, noma imisebenzi eyenziwe kuyo, ayihambisani nemithetho yayo ephathelene neyocansi.
I-March and March Movement iqinisekise lokhu ngoMgqibelo ukuthi ikhasi likaFacebook lomholi wayo lisusiwe.
Ngokwesitatimende esivela kokhulumeli inhlangano, uSandile Dube, inhlangano iyazi ngokumiswa kwaleli khasi kanti futhi izoqhubeka nokuxhumana nabayisekelayo ngekhasi layo elisemthethweni likaFacebook le-March and March.
Le nhlangano, ithe uNgobese-Zuma uzosebenzisa enye inkundla ukuxhumana nabantu baseNingizimu Afrika kube kulungiswa udaba lwe-akhawunti yakhe.

Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
