
Kungenzeka kube khona ubambiswano phakathi kweqembu loMkhonto weSizwe (MK) ne-ANC eThekwini, ngemuva kokuba imiphumela yakamuva yokhetho ikhombise ukuthi alikho iqembu elithole iningi eliphelele.
Abantu abaseduze neqembu i-MK baqinisekise ukuthi ithimba lezingxoxo likazwelonke, i-National Negotiation Team (NNT) elisanda kusungulwa yiqembu, lilungiselela ukuhlangana nabamele i-ANC ezinsukwini ezizayo ukuze kuxoxwe ngamathuba okwakha ubambiswano.
“Asizukuvumela i-Democratic Alliance ukuthi ibeke imithetho eThekwini noma kunoma iyiphi indawo lapho sithole khona iningi lamavoti. ‘Umkhulu’ usevulelekile ekukhulumeni ne-ANC. URamaphosa usesezophuma esikhundleni, futhi thina siyaqala ukuzwana.
“Ubambiswano lwamaqembu abantu abamnyama anenqubekelaphambili yiyo yodwa indlela esingahlangana ngayo. Ukuze senze lokhu, kumele sibeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwethu bese sihlangana ngenxa yabantu bethu. Ayikho enye indlela,” kusho ilungu eliphezulu leqembu i-MK.
Imibono efanayo yavezwa nangabanye abantu abangaphakathi eqenjini, abaveze ukukhathazeka ngokuthi kungase kuphinde kwenzeke okwenzeka kwezepolitiki ngemuva kokhetho luka-2024, lapho i-MK Party yakhishwa khona ohlelweni lokubusa yize yenza kahle kakhulu okhethweni.
Umbimbi oluhlanganisa i-ANC, i-IFP kanye ne-EFF lwenza ukuthi leli qembu lingangeni emandleni eThekwini.
Ngokwemiphumela ebikiwe, i-MK Party isiphenduke iqembu lesithathu ngobukhulu ezingeni likazwelonke, kanti KwaZulu-Natal iyona enkulu kunazo zonke.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
