
INhlangano eyengamele ukhetho kuleli i-IEC izomemezela ngokusemthethweni imiphumela yokugcina yoKhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2026 namuhla.
Isimemezelo sihlelelwe ukuba senziwe ngo-18:00 ntambama eSikhungweni sikaZwelonke sokuPhathwa kweMiphumela (National Results Operations Centre) eMidrand.
UMengameli uCyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo ayibhekise kwisizwe, njengoba kuzobe kukhona abamele amaqembu ezepolitiki wonke.
Lesi simemezelo sizophawula ukuphela ngokusemthethweni kwenqubo yemiphumela yokhetho.
Kodwa abantu baseNingizimu Afrika kuzodingeka balinde okungenani amasonto amabili ngaphambi kokwazi umphumela wokugcina wemikhandlu lapho kungekho qembu elithole amavoti amaningi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
