
I-South African Social Security Agency (SASSA) imemezele izinsuku ezintsha zokuholwa kwezibonelelo zomphakathi zikaNovemba 2026, ngokugunyazwa yiNational Treasury.
Okhulumela i-Sassa uDkt. Paseka Letsatsi uthe lezi zinguquko zilandela izingxoxo phakathi kwenhlangano i-Sassa kanye nababambiqhaza abahlukene ukuqinisekisa ukuthi izinkokhelo ziqhubeka kahle nangaphandle kokuphazamiseka ngesikhathi sokhetho.
Izinsuku zomholo zishintshelwe ukuba zingaphazamisi ukhetho lukahulumeni wendawo lwangomhlaka-4 November, okuyiholide lomphakathi.
Ngaphansi kwesimiso esibuyekeziwe, izibonelelo zabantu asebekhulile zizoholwa ngoLwesihlanu lomhlaka-30 October, kulandele izibonelelo zokukhubazeka ngoMsombuluko, womhlaka-2 kuNovember. Izibonelelo zezingane zizoholwa ngoLwesibili, womhlaka-3 kuNovember.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
