
Kubikwa ukuthi imibhikisho eqhubekayo, yabashayeli bamaloli ababhikishela imisebenzi yokuthuthwa kwempahla esifundazweni iphazamisa ukuhamba kwezimoto emigwaqweni emikhulu ehlukahlukene e-Eastern Cape. Imigwaqo emikhulu esifundazweni ivalwe thaqa, kubandakanya u-N2 eduze kwaseMthatha, eQumbu naseKwaBhaca, kanye no-R61 oya ePort St Johns.
Ngokwemibiko, ababhikishi kuthiwa basebenzise amathayi avuthayo, bawisa izihlahla emgwaqeni kany namaloli ukuvala izingxenye zale migwaqo ethintekile. Abashayeli bezimoto abahamba kulezi zindawo bayinxuswa ukuba baqaphele, bagweme ukuya emigwaqweni evaliwe futhi bacabangele eminye imizila lapho kungenzeka khona.
Amaphoyisa omgwaqo asesendaweni yesigameko alawula izimoto, kuyilapho amaphoyisa esebenza ukuhlakaza ababhikishi.
Abashayeli bezimoto banxuswa ukuba bahlale beqaphile, balandele imiyalelo evela kumaphoyisa futhi bagweme izindawo ezithintekile lapho kungenzeka khona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
