
Kuboshwe abasolwa abangu-15 ngoLwesihlanu ebusuku kulandela imibhikisho enodlame ebiqhubeka idolobha lonke laseThekwini nezindawo ezizungezile. Lokhu kwenza isibalo sabasolwa ababoshiwe sibe ngu-19, okubalwa nabasolwa abane ababoshwe ngoLwesine ngecala lokuzama ukubulala nokudubula ngesibhamu esidlangalaleni.
Abasolwa bazobhekana namacala odlame emphakathini kanye nokucekela phansi impahla, kanti futhi kungenzeka kwengezwe namanye amacala.
Kushiswe izindlu ezimbili endaweni yaseMbilo kwaphinde kwacekelwa phansi izitolo eziningi eThekwini nasezindaweni ezizungezile, kanti ezinye zalezi zitolo ezicekelwe phansi ziphinde zatatshwa impahla.
Iningi labasolwa ababoshiwe ngabafundi, kanti izikhulu zezobunhloli kanye nabaphenyi bayaqhubeka nokufuna labo abanecala lokushiswa kwezimoto nezakhiwo. Abasolwa bazovela enkantolo maduze.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphika amahemuhemu kanye nemininingwane edukisayo esabalele ezinkundleni zokuxhumana mayelana nomdlalo wamanqamu we-MTN8 Cup pphakathi kwe-Orlando Pirates FC ne-Mamelodi Sundowns.
Kubikwa ukuthi umdlalo uzoqhubeka njengoba kuhleliwe futhi amaphoyisa athathe izinyathelo ezifanele zokuvikela abalandeli, izikhulu nabadlali.
Yonke imigwaqo eya enkundleni yezemidlalo ivuliwe futhi izohlala ivuliwe. Noma ubani ozama ukwenza noma yiluphi uhlobo lombhikisho emigaqweni eya enkundleni, nanoma yikuphi eduze kwenkundla iMoses Mabhida Stadium, uzobhekana nengalo enzima yomthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
