
Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili abebefunwa ngamacala okubulala nokuzama ukubulala eMariannhill naKwaNdengezi ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa eTafelkop endaweni yamaphoyisa yaKwaNdengezi namuhla ntambama.
Amaphoyisa aseMariannhill athole imininingwano mayelana nezimbuzi okusolwa ukuthi zebiwe ezazigcinwe endlini eseceleni komgwaqo u-Intake Road eTafelkop.
Amaphoyisa asebenzisa ulwazikwathi uma efika ayenalo afica izimbuzi ezingu-30. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa ancinzwe indlebe mayelana nokuthi abasolwa basendaweni efanayo nokutholwe kuyo izimbuzi kwenziwa umkhankaso.
Amaphoyisa abe eseya kule ndawo, nokuyilapho okuqhume khona inganono. Abasolwa ababili badutshulwe bashona ngesikhathi sokudubulana.
Kusathungathwa umsolwa wesithathu obalekile endaweni yesehlakalo ngesikhathi edubula amaphoyisa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
