
Uhlelo lokungenelela kokulethwa kwezidingo zomphakathi oluqhubekayo, noluqhutshwa yiMeya kaMasipala waseThekwini, uCyril Xaba lukhombisa imiphumela emihle njengoba ukuvuza kwamanzi okubikiwe edolobheni kwehle kusuka ku-13 000 kuya ku-3900.
IMeya uXaba ibihola uhambo lokuhlolwa kwengqalasizinda yamanzi nokuhlanzeka eMlazi ku-Ward 80, 81 kanye no-88, ngoLwesithathu.
Uphinde waqapha ukulungiswa kokuvuza kwamanzi kanye ukuhlanzwa nokuvinjelwa okukhulu kwe-network yendle, okunegalelo ekwehleni okwengeziwe.
Ukungenelela kwedolobha lonke kuyingxenye yohlelo olusheshisiwe lukaMasipala lokubuyisela ingqalasizinda yomphakathi ebalulekile ngokuthumela amathimba ochwepheshe okuphendula ezindaweni ezithintekile, ukuvuza kwamanzi okuqhubekayo kanye nokuchitheka kwendle.
IMeya uXaba ithi, selokhu baqala lolu hlelo cishe ezinyangeni ezimbili ezedlule sebebone ukwehla okukhulu kokuvuza kwamanzi. Injongo akusikho kuphela ukusebenzisa izixazululo zesikhashana, kodwa ukuqinisekisa ukuthi amathimba ethu okulungisa aqeda ngomsebenzi osalele emuva ngendlela ehlelekile, abuyisele isithunzi sezakhamuzi kuphinde kuvikelwe imvelo ekuchithekeni kukungcola.”
IZITHOMBE:






Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
