
Kuhlehlisiwe ukwethulwa kobufakazi bowayeyisikhulu esiphezulu ophikweni lwe-Crime Intelligence emaphoyiseni, uFeroz Khan ngaphambi kweKhomishini kaMadlanga.
UKhan bekulindeleke ukuthi aqale ukwethula ubufakazi bakhe ngasese namuhla, kodwa ngenxa kokudlula emhlabeni kukamalume wakhe, uPreggy Padayachee kwahlehla.
UPadayachee udutshulwe wabulawa ngoMsombuluko ebusuku emgaqweni u-R21 eBoksburg.
UKhan usezokwethula ubufakazi bakhe ngosuku obelungakanqunywa. Ikhomishini ithe izokhipha esinye isimemezelo ngesikhathi esifanelekile.
Ngenyanga edlule, ikhomishini ithe izobeka uKhan amacala obugebengu ngemuva kokwehluleka kwakhe ukuvela phambi kophenyo naphezu kokubizwa.
Ikhomishini nayo yenqaba isicelo sakhe sokuhlehliswa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
