UMasipala waseThekwini wethule umkhankaso wawo we-#ChargeSafe endaweni yasemjondolo yakuKennedy Road, eClare Estate ngoMsombuluko, ngenhloso yokufundisa ngokuvimbela izehlakalo zokusha kubahlali njengoba kuqala iSonto lokuPhepha nokuVimbela uMlilo (Fire Safety and Prevention Week).
Lo mkhankaso oholwa abezicishamlilo kanye nababhekelele izinhlekelele eThekwini ugxile ezehlakalweni zomlilo ezenzeka mihla namalanga ezidalwa uku-charger amaselula, amathoshi, ama-earphones kanye nama-vape.
UPhilani Mbanjwa oyi-Fire Senior Manager uthi lo mkhankaso uhlose ukuqinisa umphakathi kanye nokuguqula indlela yokuziphatha.
“Imililo eminingi ingagwemeka ngokuqwashisa nangezindlela zokufundisa ngezokuphepha. Izindawo zasemjondolo zisengozini enkulu ngenxa yokuminyana nanokuthi umlilo uyashesha ukubhebhetheka uma usuqalile ukusha,” esho.
UMbanjwa wengeze ngokuthi i-#ChargeSafe, ihlinzeka izakhamuzi ngolwazi olubalulekile olungasindisa izimpilo luphinde luvikele amakhaya.
Izakhamuzi zinxuswa ukuba:
- Zingalokothi zishiye amaselula nakho konke okunye okufakwa kwi-charger kunganakiwe nobusuku bonke;
- Zisebenzise i-charger eyafika neselula okanye enye eqinisekisiwe;
- Ungashajeli embhedeni naseduze namakethinisi noma amaphepha;
- Kugweme ukulayisha inqwaba yama-charger kwi-plug eyodwa futhi ungasebenzisi ugesi oxhunywe ngokungemthetho.
Izikhulu ezibhekelele izinhlekelele nazo zikhulume nezakhamuzi ngezingozi ezihlobene ne-El Niño, okuhlanganisa ukushisa okukhulu, isomiso, ukuntuleka kwamanzi kanye nezingozi zomlilo, kanjalo nokusiza imiphakathi ukulungiselela izingozi zesizini.
Lo mkhankaso uzoqhubeka isonto lonke ezindaweni zasemjondolo ezisengcupheni yokusha kulo Masipala.
IZITHOMBE:







Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
