
I-Bafana Bafana ikhuphukele endaweni yama-50 ohlwini lwakamuva lwe-FIFA Coca-Cola, okuyinto eyenzeka okokuqala eminyakeni engu-15, inamaphuzu angu-1460.12. Lesi yisikhundla esiphezulu kakhulu iNingizimu Afrika eke yaba naso kusukela ngo-Okthoba 2011—okuyinto ethakazelisayo ukuthi yenzeka ngesikhathi uPitso Mosimane ephethe iqembu.
Lesi sikhundla se-Bafana siza ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuba inqobe i-Guinea ngo 2-1 emdlalweni wayo wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2027 (iqembu u-D) e-Orlando Amstel Arena, ngenxa yamagoli afakwe u-Ime Okon noSamukele Kabini. Iqembu likaMosimane manje selilungiselela umdlalo onzima wokuvakashela i-Eritrea—iqembu elibhekwa njengelingelona elinamandla kakhulu kodwa elikwaze ukubambana ngo 1-1 neKenya, futhi elisesikhundleni sama-184 emhlabeni jikelele.
Amazwe ahamba phambili ohlwini,yi-Spain, esiyizingqwele zomhlaba, nesihlezi endaweni yokuqala ngemuva kokuphumelela kwaso kwindebe yomhlaba seMelika, kanti i-Argentina, eyalandela, ihlezi endaweni yesibili.
I-France ithatha indawo yesithathu ilandelwa yi-England endaweni yesine, kanti i-Morocco—okuyiyo eqembu lase-Afrika elisesikhundleni esiphezulu—ihlezi endaweni yesihlanu. I-Brazil (6), i-Portugal (7), i-Belgium (8), i-Netherlands (9), ne-Mexico yizo eziqeda uhlu lwamaqembu ayi-10 ahamba phambili emhlabeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
