
Umdlali wezivikelo weKaizer Chiefs u-Inacio Miguel ugcizelela ukuthi i-Amakhosi ngeke ibonise ukwesaba uma ibhekene nompetha base-Afrika abasanda kuthola leso sicoco, iMamelodi Sundowns, emdlalweni weBetway Premiership olindelwe ngabomvu eFNB Stadium ngoMgqibelo. Umqeqeshi omkhulu weChiefs uFernando da Cruz ucele abadlali bakhe ukuthi baphakamise izinga labo lifinyelele kwelidingekayo emqhudelwaneni we-CAF Champions League uma bebhekene neSundowns, esanda kunqoba isicoco sezwekazi. Lo mdlalo uyingqinamba yasekuqaleni kwesizini kuDa Cruz nethimba lakhe, njengoba iSundowns ifika njengompetha base-Afrika ababusayo kanti iChiefs ifuna ukuzikala ngokubhekana neyodwa yamaqembu anamandla kakhulu ezwenikazi. Ekhuluma eNaturena Village, uMiguel ubuzwe yi-iDiski Times ngendlela aqonda ngayo umyalezo kaDa Cruz nokuthi usho ukuthini kwiChiefs ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo. “Engikuqondayo wukuthi kumele sihloniphe ukuthi iMamelodi Sundowns inqobe iChampions League, iSundowns iyiSundowns kodwa ngesikhathi esifanayo thina siyiKaizer Chiefs, uyazi, nathi silwela izinhloso zethu,” kusho uMiguel. Lo mdlali wase-Angola uvumile ngesithunzi seSundowns kodwa wagcizelela ukuthi impumelelo yabo yezwekazi ngeke iyishintshe indlela iChiefs ezowudlala ngayo lo mdlalo. KuMiguel, ukuhlonipha akusho ukwesaba noma ukwethuswa. “Asesabi muntu,” wengeze kanje. “Ngicabanga ukuthi umyalezo ucace bha, asesabi muntu, kungakhathaliseki ukuthi bangompetha base-Afrika noma be-PSL, sizobhekana nabo njengoba sibhekana neSekhukhune njengoba ngishilo ngaphambilini. “Sizoqala umdlalo ngesifiso esifanayo, nangomoya ofanayo wokulwa. Sizongena kuzo zonke izimo zokuncintisana ngebhola (duels) futhi lowo ngumyalezo ocacile ovela kumqeqeshi,” kusho uMiguel.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
