
Amaphoyisa abambe ukuhweba ngogwayi ongekho emthethweni, olinganiselwa ku-R3.6 million eBoshof, eFree State. Amaphoyisa ahlasele esitolo esikhulu eBoshof CBD, lapho kutholakale khona amabhokisi ogwayi womgunyathi efihliwe ngaphansi kombhede, e-warehouse eVoortrekker Street.
Ngesikhathi egasela kulendawo amaphoyisa abhekane nenqinamba yokungena, kepha agcine ngokungena e-warehouse, lapho athola khona inqwaba yogwayi ongekho emthethweni.
Kuboshwe amadoda amathathu, aneminyaka engu-22, 44 kanye no-56, kanti azobhekana namacala okutholakala nogwayi womgunyathi kanye nokwephula uMthetho Wokufuduka. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseBoshof ngoMsombuluko, mhla ziyi-13 kuNtulikazi 202.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
