
UMbuso waseSwatini usumukele ezinye izigebengu eziyingozi ezingu-11 ezixoshwe e-USA ngenxa yokwesabisa imiphakathi. Izigebengu zivela emazweni ase-Afrika angashiwongo ngamagama, futhi zizojoyina ezinye izigebengu esezivele zigcinwe embusweni.
Leziboshwa eziyishumi nanye zakwamanye amazwe ezixoshwe e-USA, zifike eSwatini ngaphansi kwesivumelwano lelizwe elasenza ngasekuqaleni konyaka ukuthi lizokwamukela izingebengu eziyingozi ezixoshwa eMelika.
Lokhu kwenza leliqembu libengelesine labantu abathunyelwe eMbusweni ngaphansi kwesivumelwano soMnyango Wezokuphepha Kwasekhaya wase-US, bajoyina iqembu labanye abadingisiwe bakwamanye amazwe abahlala ezindaweni ezihlukanisiwe.
Izikhulu zaseSwatini zithi abantu basendleleni balinde ukubuyiselwa emazweni abo.
Lolu hlelo lugxekwa kakhulu ngamazwe kanye nangamaqembu afana ne-Amnesty International mayelana namalungelo abantu kanye nokuphepha kwamazwe asondelene naseSwatini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
