
Umculi uMduduzi Ncube usegonyuluke okokuqala ngqa ngokushiya kwakhe Inkabi Records. “Indaba emqoka edale ukungezwani nokungaboni ngaso linye kwethu yimali.”
Lawa ngamazwi omculi uMduduzi Ncube osesungule inkampani yakhe ethi Blvck Bird Studios. UMduduzi ugcine ekhulume okokuqala ngqa ukuthi kungani elahle inkabi Records.
Lo mculi wengoma eyashisa izikhotha iDear Ex Yami, ubhale ezinkundleni zokuxhumana wathi ngaphezu kwazo zonke izikhalo abenazo ne-Inkabi Records kodwa okumenze washiya lesi sitebele yimali.
UMduduzi wabhala ekhasini lakhe wathi: “Kuzongisiza ngani ukwabelana ngohlangothi lwami kwabezindaba? Angazi nokuthi kwenzekani ngemiklomelo yengoma yami ethi Dear Ex, kodwa ngeke ngikuyeke lokhu.
UMduduzi uthe usekwamukele ukubizwa ngomqambimanga kodwa kumele azichaze. “Ngisebenze kanzima ekhaya elikhulu (Inkabi Records), futhi ngibonga kakhulu ukuvezwa, uthando, nokwesekwa abakutshale ekukhuliseni igama elithi Mduduzi Ncube. Ngihlala ngimbonga umfowethu omdala uBig Zulu ngokunginika amandla nokukholelwa ethalenteni lami.
“Udaba oluwumgogodla oludale ukungezwani nokungaboni ngaso linye kwethu bekuyimali. Angifisi ukugxila kakhulu kuyona kodwa kumele kuvele iqiniso. Ngiphatheke kabi kakhulu, kodwa akekho ozoqaphela ngoba ngikhetha ukumamatheka.
Ngiwumuntu wabantu, ngakho wonke umuntu engihlangana naye ufanelwe ukuzwa uthando nenjabulo, njengoba bejabule ngempela ukungibona,” kubhala yena.
Ekhuluma emsakazweni iGagasi FM, uBig Zulu uthe akazi ukuthi yini edale ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noMduduzi. Uphumele obala waphumela obala wacacisa ukuthi alikho igazi elibi noma ubutha phakathi kwabo.
UBig Zulu uzwakalise ukuhloniphana, ukugcina ubudlelwano obuqinile noMduduzi futhi wathi basazosebenzisana ezinhlelweni ezizayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
