
UNgqongqoshe wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, usejube ithimba lakhe lezomthetho ukuthi lithathele izinyathelo omunye wabaholi beMarch and March, uNkosikhona Ndabandaba obuye abizwe ngelikaPhakel’umthakathi.
Lo myalelo kangqongqoshe ulandela isiqeshana se-podcast lapho uPhakel’umthakathi esola ukuthi ungqongqoshe uhlukumeze, futhi waxosha abantu abamnyama baseNingizimu Afrika emapulazini ukuze abuyisele umhlaba kwabamhlophe.
Nakuba uPhakel’umthakathi ethi unobufakazi obusekela izinsolo zakhe, uNgqongqoshe uNyhontso ukuchithile lokhu wathi kungamanga, akunasisekelo, futhi kulimaza kakhulu isithunzi sakhe kanye nomnyango.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
