
Usayitsheni wamaphoyisa ozinze esangweni lasemngceleni waseLebombo ophithizelayo uboshwe oKlebe ngenkohlakalo.
Leli phoyisa, elineminyaka engu- 42, kusolakala ukuthi lisebenzisana nezigelekeqe ukuze kube lula ukuhamba kwezimoto ezebiwe nezitholwe ngomgunyathi eNingizimu Afrika, ukuthi ziyiswe eMozambique.
Ngokophenyo, izikhulu ezikhohlakele kusolakala ukuthi zithola inkokhelo ngokwezimali, kanti izinkokhelo zihluka ngokuthi hlobo luni lwemoto abasuke beyiwelisaa umngcele ngaphandle kokuvinjwa nokuboshwa.
Amalungu ophiko loKlebe Oluphenya Ngenkohlakalo (SCI) eNelspruit, esekelwa iTactical Operations Management Section (TOMS), iCrime Intelligence, awenze ngempumelelo lo umsebenzi.
Kuthe ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, umsolwa obesemsebenzini ngaleso sikhathi, umukele imali, wabe eseshushumbisa kanti bayambona gonke into ayenzayo.
Umsolwa uboshwe ePort of Entry eLebombo watholwa nemali elinganiselwa ku-R80 000.00, etholwe ngesikhathi eboshwa. Icala lenkohlakalo selibhalisiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Umazisi womsolwa ugodliwe njengoba kusalindwe ukuvela kwakhe okokuqala enkantolo. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKomatipoort ngomhlaka-10 Juni 2026.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
