
I-ANC isale ikhuluma nezihlalo kanye namatafula angenamuntu emcimbini weGala Dinner obuseThekwini, kuMasipala weTheku izolo ebusuku.
Yize bekulindelwe ukuthi kwamukelwe izinkungu zezihambeli ezilinganiselwa ku-2 000 kulo, kodwa lo mcimbi kubikwa ikuthi awuzange ube nngisho nabantu abadlula ku-100.
Lesi senzo sokungafiki muntu, sembule izikhulu izinqe zaswela umgodi wokucasha, nokushiye, “izicukuthwane” ze-ANC zikhuluma zodwa esikhundleni sokugcwala phama.
Khona lomcimbi ubuseqophelweni eliphezulu, yikho nje ukuthi akufikanga muntu, nokudale kwamosheka ukudla kanye nemali ekuhlanganiswe ngawo lomcimbi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
