
I-National Prosecuting Authority (NPA) , iyasemukela isigwebo sikadilikajele esitholwe yindoda eneminyaka ewu-45 eNkantolo yesiFunda ePort Shepstone ngokudlwengula ingane eminyaka ewu-11 eBoboyi, ePort Shepstone ngo-2022. Ummangalelwa nomgilwa bebehlala endaweni eyodwa ngesikhathi sesigameko.
Ngokobufakazi obenekwe enkantolo, unina kamgilwa waqaphela ukuthi indodakazi yakhe yayihamba ngendlela engajwayelekile wayibuza ukuthi konakelephi. Yamtshela ukuthi idlwenguliwe phakathi kukaMarch noMay 2022. Ngosuku lwesigameko, umgilwa wayedlala nomngani wakhe lapho kwakuqashe khona ummangalelwa.
Umngani ngesikhathi eye esitolo, ummangalelwa wadonsela umgilwa endlini wamdlwengula. Wamsabisa ngokuthi uzomenza isilo sengubo nomndeni wakhe uma eke wabika udaba.Udaba lubikwe emaphoyiseni, umgilwa wayiswa eThuthuzela Care Centre (TCC) ukuze athole usizo.
Kwaboshwa ummangalewa emuva kokubikwa kodaba. Udaba selusenkantolo , uMshushisi uChad Davey ubize ofakazi okungumgilwa, wunina, nomngani wakhe. Umbuso ubize nodokotela owahlola umgilwa wafakaza ukuthi umgilwa wayelimele. Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele futhi inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
