
IMeya yaseMshwathi uMandla Zondi ebambisene namaKhansela, abasebenzi bomkhandlu beholwa imenenja uMafezwe Khanyile bethule osonkontileka kumphakathi wase Swayimane ka-Ward 13 oholwa uKhansela Nomusa Khanyile kanye nasoZwathini ka-Ward 14 oholwa ukhansela Zanele Mbewane.
Lapha kwethulwe usonnkontileka iMazithulele Construction ezokwakha i-bridge labawela ngezinyawo emfuleni iNgoje.Kuphinde kwathukwa usonkontileka i-Ezinhle V Construction ezokwakha ibridge labawela ngezinyawo edamini ngakaMazisi ka-Ward 14 oZwathini.
Umphakathi wakulezi zindawo usijabulele kakhulu isinyathelo esithathwe umasipala njengoba kade bacela ukuthi kusizwe umphakathi oba nenkinga uma izulu linile.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
