
Ngu: Alfred Ngubane |
UMsinga United ufake amaphepha aphuthumayo enkantolo yaseMthatha ngenhloso yokuphoqa ukuthi iSAFA ihlehlise imidlalo yamaPlayoffs e-ABC Motsepe League kazwelonke. UMsinga ufuna kuchithwe isinqumo esithathwe ngumehluleli uRBG Choudree ngomhla 29 Meyi ngoba ukhala ngokuthi asikho emthethweni.
UChoudree waphikisa isinqumo somehluleli uSKD Madlala sokuthola uMkhambathi FC ukuthi unecala lokudlalisa abadlali abangabhalisiwe ngendlela efanele yeSAFA. UMsinga United ufuna uSAFA kuzwelonke noSAFA KwaZulu-Natal babuyisele umdlalo enkundleni woMsinga United noMvoti FC.
Umdlalo lona iwona ozonquma ukuthi yiliphi iqembu elizomela iKwaZulu-Natal emdlalweni yeABC Motsepe League yokuhlunga kazwelonke eMthatha. Kuzomele uSAFA ukhiphe umphetha waKwaZulu Natal uphinde uqale kabusha ukuqhathwa kwamaqembu e-ABC Motsepe League kuzwelonke.
Ethintwa uSihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza ushaye ngamafuphi ukuthi umgangela ushayelwa lapho kunesigcawu sodwende.Esinye sezikhulu zoMkhambathi sathi uMpanza akahambe ayolusa izinkomo ashaye nenduku.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
