ISAFA KwaZulu-Natal ihluleka ukuphuma nesixazululo kawe ABC Motsepe League

ISAFA KwaZulu-Natal yephula izinhliziyo zabathandi bebhola ngenxa yokuhluleka ukuxazulula izingxabano zamaqembu ambili athintekayo.

Umthombo ophakathi kwi SAFA ukhala ngehhovisi leSAFA KwaZulu-Natal ukuthi yinto engekho , njengoba lenhlangano ingathathi isinyathelo esiqondile ngamacala .Kumanje baqale umthetho ongekho namuhla kodwa uDanny Jordaan uwukhahlele ngesinyawo zombili , Silobe lapha kuthiwa kulindwe u-Ceo Lydia Monyapao we SAFA kuzwelonke ukuthi aphume nesixazululo.

UMsinga United walinqoba icala lokuthi uMkhambathi FC wadlalisa abadlali abangabhalisiwe ngokusemthethweni kwaSAFA . Ngemuva kwalapho uMkhambathi FC umangalele leliqembu lomsinga United wathi wasayina umdlali Aphelele Phalane ngokungekho emthethweni,UMsinga United ulinqobile icala ebelihlezi izolo.

Okusho ukuthi kulamacala uMsinga United usuwanqobe womabili ngaphandle kokwenzelelwa nokuchema. Umdlalo womkhaya wamaqembu ase Mabomvini uMsinga United FC no Mvoti FC ubhuntshile ngesizatthu esingakakatholakali. Lomdlalo bekumele udlalwe ngo 16h00 e-SJ Smith Stadium uhlehlisiwe usuku olungaziwa.

Umkhambathi FC uthumele incwadi yezomthetho ku-SAFA Kazwelonke naku-SAFA KZN, icela ukuthi umdlalo umiswe kuze kuphele izingxabano eziphuthumayo esifundazweni. Bakhomba umthetho 7 we-ABC Motsepe Regulations 2024, othi izingxabano kufanele ziqedwe kuqala ukuze kugcinwe ubuqotho bomqhudelwano.

Umvoti FC uthiphe isimemezelo sokuthi uthole incwadi ebuya ku KZN SAFA ukuthi umdlalo usuhlehlile. I-SAFA KZN ayikakaphenduli ngokusemthethweni. Lokhu kusho ukuthi ukunqunywa kwethimba elizoya kuma-National Playoffs kulindile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.