
Ngu: Minenhle Mpembe |
Iskhwama somshwalense sabangasebenzi, iqondise umkhosi wokuphasiswa kwemfundo kubahlomuli bohlelo lokusebenza kwabasebenzi ababambe iqhaza ohlelweni lokuthuthukisa kwezamabhizinisi eNedbank Park Square eMhlanga.
I-Petro Connect isiza ngokunikeza abafundi amakhono ukuze bezokwazi ukuzivulela amabhizinisi abo njengoba izwe libhekene nezinga eliphezulu elingu-332.7% labantu abangasebenzi. Lesi sikole sesikwazile ukufundisa saphasisa abantu ekade befunda khona abangungu-5980.
Lo mcimbi ubonisa isinyathelo esibalulekile ekuzinikeleni okuqhubekayo komnyango ekunikezeni amandla abahlomuli abangasebenzi ngokuthukiswa kwamakhono namathuba okuqeqeshwa ahloselwe ukuthuthukisa amathuba okuthola umsebenzi, ibhizinisi kanye nokubamba iqhaza kwezomnotho.USbonelo Mbatha, umsunguli ozimele kanye nomqondisi we-Petro Connect, uthi bakuthokozele ukuthi bahambe loluhambo kanye abafundi bebambisene neskhwama somshwalense wokungasebenzi kanye nohlelo lokusebenza kwabasebenzi.
“Inhloso yethu ukuthi sisize abantu abasake balahlekelwa umsebenzi ngaphambilini ukuthi bathole amathuba omsebenzi ngamakhona abawatholile ePetro Connect,” kusho uMbatha. UTrevor Hartin, ovela kuhlelo lokusebenza kwabasebenzi ngaphansi kweskhwa, uthi baqasha abafundi emphakathini.”Abafundi abangu-290 baluqedile uhlelo lokufunda futhi sebelinde ukuba baqashwe,” kusho uHartin.
UNhlakanipho Mnqadi, omunye wabafundi abathweswe iziqu, uthe lento ibalulekile kuye ngoba abantu basithatha kancane isifundo esifushane kanti isona esivuleleka amathuba.”Sihanjiswa eziteshini zaphethiloli, sifundiswe ukuxhumana nabathengi okwiyimvela kancane ukuthi ufundiswe emfundweni ephakeme,” kusho uMqadi. I-Petro Connect ivulele izikhala ezingamakhulu amabili ezizokwazi ukuvula amathuba omsebenzi kuqasheke abafundi bakhona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
