
Sekuqubuke ukungaboni ngasolinye phakathi kwemindeni emibili eMsinga ngenxa yombango wesidumbu. Umndeni wakwaNgubane esigodini saseNzala ukhala ngokuvinjelwa ngumndeni wakwaMweli esigodini sakwaPhakwe ukuthi ungangcwabi isidumbu sikamama wekhaya owamuka ngezimvula ngoFebruary.
Ilungu lomndeni wakwaNgubane esiligodlile igama lakhe ngenxa yokusabela impilo yalo lithi umama wabo wahamba eyakwaDolo akaphindanga wabuya. “Imvula yana kakhulu sambona engabuyi ekhaya sacabanga ukuthi uvaleleke lapho eyekhona, sashaya ucingo ezihlobeni zakhe kodwa baphendula ngokuthi abakaze bambone.
Saqala lapho ukuthuka ukuthi ngabe umama ushonephi ngempela, sahlaba inhlali kubantu abadala, ” lisho kanje. Lithe lokhu kwaqondana nokuthi abakwaMweli balahlekelwe yindodana yabo eyamuka nezimvula kanye nabanye ayisithupha abamuka nomfula iMatshemane esigodini sakwaNdayi.
Bonke batholakala abantu abahlanu kwasala oyedwa namanje ongalathokali. Umama Ngubane watholakala emfuleni uMnyamathi esonakele. Isidumbu sathathwa sayiswa emakhazeni eKranskop lapho namanje sisaduve khona.
“Thina njengo mndeni wakwaNgubane sahamba sayobheka umama emakhazeni ngoba izimpahla zakhe zokugqoka sazithola emfuleni lapho etholakale khona nokwaqinisa ithemba ukuthi nguye, amaphoyisa asiyalela ukuthi senze iDNA ngempela sayenza yathola ukuthi impela uyena, ” liqhuba kanje.
” Umndeni wakwaMweli wathi lesidumbu ngesawo sashaqeka ukuthi ngesawo kanjani ngoba lesidumbu ngesomuntu wesifazane ngokusho wamaphoyisa. Kuyasixaka ngoba abantu bakwaMweli balahlekelwa ngumuntu wesilisa, “Kumanje kusalindiwe imiphumela yeDNA yomndeni wakwaMweli.
Lithe kumanje kunzima njengoba sebehlale emakhandleleni isikhathi eside.Umndeni wakwaMweli wenqabile ukuphawula ngaludaba wathi uzophawula ngemuva kokubuya kwemiphumela yeDNA.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
