Indida ngekusasa likaZondi okuvela ukuthi ufakwe amasondo

Ngu: Sidlabehlezi Gumede

Sekuqubuke indida mayelana nekusasa lenkosi Malusi Zondi njengo Shansela weNdlunkulu kaZulu emva kokuvela kwemibiko ethi usefakwe amasondo, nomunye obuphikisa lokho. UNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi umemezele ukuthi Isilo sesikhombe indlela uZondi. UButhelezi uphinde wamemezela ukuthi nehhovisi leSilo elikhethekile ebeliphethwe uNododile Ndamase nalo selivaliwe.

UNdamase naye ukhululiwe. Izizathu zokuxoshwa kukaZondi azizange zivezwe. Kungakapholi maseko, kuphume lesi sitatimende ngehhovisi likaButhelezi, uZondi ukhiphe esakhe ethi intimbothi ukuthi ufakwe amasondo. UZondi uthe uxhumane ngqo noMdala ngenhloso yokuqinisekisa akucoshe ezinkundleni zokuxhumana nakubezindaba, imbube yathi ayazi lutho ngencwadi okuthiwa ivela kuyona.

UZondi uthe yena uyaqhubeka nomsebenzi awuthunyiwe.Maningi amathuba okuthi uZondi ufakwe amasondo ngoba Isilo noma sikukhululile asiphumeli obala.Isizathu esingadala ukuthi uZondi akhululwe izinsolo zokuthi wathatha ivenge likaR8. 5 million le-protection fee enkampanini eyenza uMkhomazi Water scheme project. Lezi zinsolo zimthunazile uZondi kanye nesihlalo. Emva kwalezi zinsolo kuvele ukuthi uxinwe ukugula waze wangeniswa esibhedlela. Akucaci ukuthi ubexinwe yini.

Isilo sike samkhulula uButhelezi sangaphumela obala, sakhulula noMntwana uVanana Zulu njengo mdidiyeli wamabutho nakuye sangaphumela obala.UZondi uke waba sematheni ngesikhathi enikelela Isilo ngezithole ezingaphezu kuka-100.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.