Ibhuntshile iPrince Mangosuthu Marathon ngenxa yokuntula inkece

Ngu: Alfred Ngubane |

Ubhuntshile umjaho iPrince Mangosuthu Marathon osingathwa uMkhandlu waseMzinyathi ngenxa yokuntula inkece. Lo mjaho wasungulwa nguSiyabonga Ngobese noPetros Ngubane owayeyimeya yaseMzinyathi.

Ngokuthola ngomthombo osondelene nalo mkhandlu waseMzinyathi lo mjaho ubhuntshiswa ukuthi umkhandlu awunayo imali yokuwusingatha. Uqhuba umthombo uthe ngibona ukuthi lobuholi obukhona abunayo nencane intshisekelo yokuqhubeka nalo mjaho njengoba sesidlulile nesikhathi ebekumele ubengaso.

UNgobese uthe wanxusa kubuholi obukhona eMzinyathi ukuthi lomjaho uqhubeke ngoJuly.”Ngiyabonga ngemibuzo nokukhathazeka kwenu mayelana nokuthi kungani i-Prince Mangosuthu Ultra Marathon ingenzeki kulo nyaka,” kusho uNgobese.

UNgubane uthe engephawule ngoba naye usebumnyameni ngokuthi kungani umjaho ungabanga khona. “Nakuba ngingo munye wabantu abasungule lo mjaho ukuze sibonge futhi sihloniphe igalelo likaMntwana wakwaPhindangene kodwa ngicela ukucacisa ukuthi angiselona ilungu loMkhandlu wesifunda saseMzinyathi,” usho kanje.

Ube esenxusa ukuba kuthintwe ubuholi obusha bomkhandlu. Lo mjaho ubuheha abasubathi abaningi abaqhumuka emazweni ayizikhondla khondla kwezabasubathi okubalwa iKenya, Uganda, Ethiopia, Zimbabwe naseLesotho. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule lomjaho waphuza ukukhokhela abasubathi nabanye ngenxa yokuntula izimali.

Ngesikhathi sikaNgubane bewukhokha kahle abasubathi bewuthanda. Manje kubonakala abasubathi bezowugabha ngenxa yokungakhokhi ngesikhathi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.