Isidididi ngohambo lweDowns olubheke eMorocco

Ngu: Alfred Ngubane |

Lubhuntshile uhambo lweMamelodi Sundowns lukuya eMorocco lapho bekumele iyodlala khona umdlalo womlenze wesibili ne-AS FAR emdlalweni weChampions league. Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ngesikhathi kuba besidididi sezimvumo e-OR Tambo.

IDowns ibhekane nenqinamba enkulu yokungayitholi imvume yebhanoyi lokuya eMorocco. Lokhu kuholele ekutheni iqembu libuyele ePitoli. Kulindeleke ukuthi namuhla iSundowns iyithole imvume iqhube nohambo lokuya eMorocco.

I-Sundowns kumele idlale ne-AS FAR umlenze wesibili we-CAF Champions League ngoMgqibelo.Uma ingafiki eMorocco ngesikhathi, lokhu kuzodala izinhlelo zayo ziphazamiseke.Abalandeli abaningi beSundowns sebelinde izimvume zokungena eMorocco.

Sebekhokhele amahhotela nezindiza, kodwa impendulo dololo. Lokhu kufaka ingcindezi enkulu eqenjini nakubalandeli ngaphambi komdlalo obalulekile. Uma imvume ingatholakali namuhla kungenzeka i-Sundowns ifike eMorocco ngosuku lomdlalo kuphela.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.