
Ngu: Minenhle Mpembe |
UMasipala waseThekwini ukuchaze njengeshwa ukugeleza kwendle edolobheni. INhloko oPhikweni lamanzi eThekwini uMnuz Ednick Msweli ithe baphoxekile ngesehlo esenzekile, wathembisa ukuthi ngeke siphinde senzeke.
UMsweli uveze ukuthi iTheku linama-pump amanzi amane kodwa amabili kuwo asaxilongwa.”Idolobha liyakuqikelela ukuphepha kwabantu nokuthi bathole amanzi ahlanzekile ingakho lolu daba luzolungiswa ngokushesha,” kusho uMsweli.
Ugcizelelile ukuthi kukhona ama-pump abucayi angafuni ukuthi ukufakwa noma yini okwenzekayo ukuthi afe uma abantu bengasebenzisi iphepha lasendlini yangasese. Izakhamuzi zaseThekwini ziyanxuswa ukuthi zihlabe ucingo ngokushesha kuMasipala weTheku uma zinenkinga yamanzi endaweni ezihlala kuyo ukuze bezothola usizo oluphuthumayo.
Loku kumosheka kwamanzi kuthikamazeke abantu baseThekwini ikakhulukazi abangahlali edolobheni ngoba usizo alufinyeleli kalula kubona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
