IBafana izodlala neNicaragua kowokulungiselela eyomhlaba

I-SAFA iqinisekisile ukuthi iBafana Bafana izodlala neNicaragua ngoLwesihlanu ngesonto elizayo. Lo mdlalo uzoba owokugcina iqembu lidlala eNingizimu Afrika ngaphambi kokuhamba liye eMexico ukuyolungiselela i-World Cup.

Ngemuva komdlalo, iBafana izoya ePachuca, eMexico, lapho izolungiselela khona i-World Cup. I-World Cup izoqala ngo-11 June 2026, ibanjelwe e-USA, Canada nase Mexico. UMongameli we-Safa, uDanny Jordaan, unxuse abalandeli ukuthi bagcwalise i-Orlando Stadium ukuyonika amandla abadlali ngaphambi kohambo lwabo olubalulekile.

“Lo mdlalo umqoka kakhulu ukunika amandla abadlali. Sicela imindeni yaseNingizimu Afrika ize ngobuningi ukubonisa uthando nokuziqhenya ngeqembu lethu,” kusho uJordaan.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.