Uvalo ngemibiko yokudunguzela kweNkosi uZondi

UShansela weNdlunkulu kaZulu Inkosi uMelusi Zondi kuthiwa ungeniswe esibhedlela ngenxa yokudunguzela.Kuthiwa ungene esibhedlela ngemuva kokubhekana nemibiko ebimsola ngokuba yidelangokubona enkampanini yethenda yamanzi yaseMkhomazi yenani lika-R20 billion.

Imithombo ehlebele IBunda iveze ukuthi uZondi ufakwe esibhedlela esiseThekwini ngesonto eledlule.“Udaba lolu olufihliwe kodwa yena ufakwe esibhedlela, kodwa asazi ukuthi uphethwe yini ngoba ungene ngemuva kwemibiko ebingcolisa igama lakhe yethenda yamanzi,” kusho omunye umthombo.

Nokho umkhulumeli kaZondi, okunguMnuz Wonderboy Jaca uthe amampunge lawo ngoba uZondi ungumqemane. “Uyizwe ngobani le mibiko. uZondi akanalutho kumanje umatasa nemisebenzi yakhe yansukuzonke akakaze afakwe ngisho esibhedlela futhi akakaze ayohlolelwa ngisho umkhuhlane kodokotela, ” kusho uJaca.

Ngesonto eledlule uZondi uzwakalise ukungenami ngezinsolo zokuthi ungubhongoza ebugebengwini nasekuqolweni kwenkampani yale thenda yamanzi nokuthiwa bagcine bemnikeza imali engu-R8.5 million.

UZondi ukhale ngokuthi kuyishwa ukuthi ukusebenza kwakhe ngokwethembeka sekuphendulwa ubuqola nokuyinto engcolisa igama lakhe nesithunzi sakhe.“Lezi zinsolo ziyilumbo zidicilela phansi isithunzi sami. Mina ngenza umsebenzi wamabhizinisi oqondile ongahlangene nobugebengu.

Kulo msebenzi okukhulunywa ngawo, ukuhlinzeka ngabaqaphi kanye nokuxhumana nomphakathi ngokusemthethweni. Akukho lapho engizibandakanye khona nobugebengu noma ubuqola,” kusho uZondi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.