
INkantolo yesiFunda eLadysmith igwebe indoda eneminyaka ewu-31 udilikajele ngokudlwengula ingane. Umgilwa wayeneminyaka ewu-13 ngesikhathi kuqala ukwenzeka kwesigameko. Umgilwa owayephuma ekhaya elihlwempu, kwakuphoqa ukuthi azame amatoho ukuze aziphilise nezingane zakwabo.
Wayebamba amatoho esitolo sendawo ngempelasonto uma engayile esikoleni. Kulapho ahlangana khona nommangalelwa owayesebenza esitolo naye. Ummangalelwa waheha umgilwa emnika imali nezimpahla zokuqgoka ukuze alale naye. Lokhu kwenzeka phakathi kuka-2003 no-2014 umgilwa wagcina ekhulelwe.
Umgilwa ngo-2023 wabika udaba kwi-SAPS ophikweni lwayo i-Family , Child , and Sexual Offences (FCS). Kwaqala uphenyo, ummangalelwa wase evela enkantolo emuva kokunikwa amasamanisi ayembizela khona.Udaba selusenkantolo , uMshushisi uSatsha Budhram ubize ofakazi okungumgilwa , wumfowabo nomphenyi wecala.
Umshushisi wethule nesitatimende sikamgilwa asibhale eluswe wuKhulekani Mthembu oyi-Court Preparation Officer. Umgilwa esitatimendeni uthe ukuphoqwa kwakhe ukuthi abe wumama kumdalele intukuthelo futhi waziswa esele dengwane. Uthe lokhu kumphuce ubusha bakhe ngoba bekufanele anakekele izingane.
Uthe nakuba wadeqa isikole nokwamthatha isikhathi eside, akawutholi umsebenzi kule minyaka akuyona. Ngaphezu kwesigwebo , inkantolo ithe ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu nokusebenza nezingane.
Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.I-NPA iyakwemukela ukuphothulwa kodaba. Ukulwa nesihlava sodlame lobulili kuseqhulwini kithina.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
