I-Summerfield Dynamos inqobe iMathemba Cup ishaya uMsinga United

Ngu: Alfred Ngubane |

I-Summerfield Dynamos ikhale yemuka neMathemba Super Cup ngesikhathi ishaya Umsinga United ngamagoli ngo 3 -2 emdlalweni wamanqamu obubanjelwe KwaNgcede omhlophe Sports Ground eMandeni.

IDynamos ivukele Umsinga United esiswini njengo tshwala ngesikhathi ishaya amagoli amabili ngesiwombe sokuqala, Umsinga United ukwazile ukuthola amagoli amabili kodwa waphinde wadedela igoli lesithathu.

UMsinga United uhambe nenduku yombangandlala kulesizini njengoba bekulindeleke ukuthi unqobe kalula ku Summerfield Dynamos FC ngoba leliqembu alikaze lawushaya UMsinga United emlandweni walamaqembu Lokho kushiye imibuzo ngekusasa lomqeqeshi woMsinga uSmart Ndlovu njengoba iphele isizini eshwiba izandla, lomqeqeshi uhlulwe ukunqoba i-league, waphinda wahlulwa ukunqoba iPirates Cup neMathemba Super Cup.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.