
Ngu: Alfred Ngubane |
I-Mamelodi Sundowns isibeke isandla esisodwa kwindebe yeCAF Champions league emva kokushaya i-AS FAR ngo 1-0 kumlenze wokuqala womdlalo wamanqamu. Igoli leDowns lishaywe ngu-Aubrey Maphosa Modiba kade kuyi-free kick.
Lomdlalo ubuye wama isikhathi eside ungaqali ngesiwombe sesibili ngenxa yobuchwepheshe beVAR ebingasasebenzi Kodwa amaqembu abuye avumelana nonompempe obephethe lomdlalo ukuthi awuqhubeke ngaphandle kweVAR. IDowns bekumele ishaye amagoli amaningi kodwa umgadli wayo uBryan Leon Muniz uhlulwe inqwaba yamathuba.
ISundowns iqhubekile nokuhlasela ngesikhathi isikhiphe uNuno Santos yafaka uMarcello Allende ongene noshintsho olukhulu. Lo mdlalo awubanga neziqubu eziningi ngaphandle kwamathuba amabili atholwe yiMamelodi Sundowns.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
