UPAPA Penny usule isigubhukane ekubeni yilungu leMK Party nasekubeni yilungu laleli qembu ePhalamende.

Ngu: Alfred Ngubane

UMAKADEBONA emculweni nezikaqedisizingu obesegxile kwezepolitiki, uGezane Eric Kobane, odume ngelikaPapa Penny – ukhale ngobunyoka ebuholini beqembu lezepolitiki uMkhonto Wesizwe Party (MK) ngenkathi esula isigubhukane kulona ngoLwesihlanu.Encwadini yakhe yokwesula ayibhekise kumholi weqembu uMnuz Jacob Zuma, uPapa Penny uthe ukwesula ekubeni yilungu le-MKP nasekubeni yilungu layo ePhalamende kube yisinqumo esingelula neze nesimphule inhliziyo.

Uthe wajoyina i-MK Party ngokwakhe ngoba efuna ukukhulula abantu bakuleli zwe, kodwa lokho kwaphazamiseka ngenxa yengxenye ethile yobuholi baleli qembu eLimpopo – akhale ngokuthi idale ukuthi abe nyamanambana emalungwini eqembu.Ukhale nangokuthi ubebhekene nezimpi ebeziqondiswe kuyena, ehlukunyezwa futhi kwenziwa isiqiniseko sokuthi uhlale ezizwa ecindezelekile. Wengeze nangokuthi bekuze kusetshenziswane nabezindaba ukucekela phansi isithunzi sakhe negama lakhe akusebenzele kunzima .

Njengoba ngiwumuntu okhathalele inhlalakahle yabantu neyomphakathi, bengingazibekezelela lezi zimo ukube beziyimbangela yabanye abantu abaseceleni. Manje inkinga yami wukuthi ziqhamuka ngaphakathi eqenjini ebengikulona okwenza ukuthi kube nzima ukuzishaya indiva sengathi angiboni ngibe ngibona kahle,” kusho uPapa Penny.

Nokho uthe nakuba kunjalo, uyazibongela kuZuma ngokumnika ithuba lokuthi amele iqembu ePhalamende futhi amele nabantu baseNingizimu Afrika esebenzisa amandla eMK Party.Leli qembu eliholwa wuZuma owayengumengameli wezwe, lilokhu liqhubeke njalo nokubhekana nezinkinga ezilizamazamisayo selokhu langenela ukhetho lukazwelonke eminyakeni emibili edlule, okufakazelwa wukuhlale kushintsha izinto ngaphakathi kulona.

Sekuvamile ukuthi lihlale lipheka lithulula ezikhundleni ezihlukene.Ukwesula kukaPapa Penny kulindeleke ukuthi kushaye kuzwele kuleli qembu eLimpopo, ikakhulu kuMasipala wesifunda iMopani naseGiyani, okuyilapho enabalandeli kakhulu khona.UPapa Penny uke waba nohlelo kwiMzansi Magic obeluthandwa kakhulu oluthi Papa Penny Ahe – nolwakhonjiswa amasizini amane. Wafungiswa ukuba yilungu lePhalamende le-MK Party emva kokhetho lukazwelonke ngo-2024.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.